Sunday, February 14, 2010

Umntwana WakwaPhindangene!

Bathi umntwana,
hhayi ngoba eyingane
Hayi ngoba engowasebukhosini nje kuphela
Kepha nenhliziyo yakhe ifuze eyomntwana
Engani umnene ,uthobekile akananxa namuntu
Akazondi ngisho laba abamfisela okubi
Akazondi ngisho uZondi nakuba ecothele
Isikhundla sakhe.
Abanye bafisa nokumgwaza ukuze kuphathe ukaMaGwaza
Akanyanyi nalabo abamfuna ubusuku nemini
ungowakaPhindangene,
yebo ungene wangena waphinde wangena
ungene noma sebethi akathi KHUMU!
Ilokhu aqala ukungena ngowezi-1975
Woza 2010 usengase aphinde angene futhi
Pho indaba kabani uma ephinde wangena futhi?
Engani eyakhe lento waziqalela
Ayi suka madoda! Isiyoze iphelele ezandleni zakhe

Abathi akaphume kugcina kuphume bona
Ubobuza umfokaBarnes nabangane bakhe
Ngane zakwethu thulani umsindo ,
Aniboni nikhonkotha esidulini …
anizwaga yini unoNdaba kwabezindaba ?

umntwana wakaPhindangene ,
ngimazi engena ephindelela ephalamende!
Ma eqhamuka bavala iminyango
Bayamenyanya ngob’ unyanyi inkohlakalo
Uma esefikile kuvela izimfihlakalo,
Kukhucululeka inkohlakalo!

(Zisazoqhutshwa)

No comments: