Sunday, August 3, 2008

LE YINKONDLO YAMAQHAWE

lenkondlo ngiyethula kibo bonke abesifazane baseMzansi AFRIKA

Ngalolusuku benginesifiso
Bengifisa ukunibhalela inkondlo
Inkondlo ekhethekile ngoba ningabekhethelo
Okwenu ukubaluleka angikufanisi nokwegolide
Ngoba elalo inani liyajikajika
Namuhla liphezulu
Kusasa liphansi
Kanti nina nanini
Niyohlala niyini
Okwenu ukubaluleka akunakuthengwa ngamali
Kujulile futhi nakujulukela.

Bengifisa ukunibhalela inkondlo ethandekayo
Ngokuba niyizithandwa zenhliziyo yami
Ngebhadi angeke ngakwazi.
Ukuze ngilobe inkondlo
Inkodlo eshaya emhlolweni ngani
Kungangithatha iminyakanyaka
Ngingadinga izinkulungwane zamakhasi
Izigididi zezinsiba
Ngokuba anibancinyana
Ngakho ngithathe isinqumo.
Isinqumo sokuvele ngingayiqali lenkondlo
Funa ngimoshe impilo yami yonke
Ngiloba inkondlo eyodwa.

Bengifuna ukubhala inkondlo
Kengihaye omama base-Afrika.
Ngibahalalisele ngobuqhawe babo
Kepha sengathi ngiswela amazwi
Vivani bomama base-Afrika!

No comments: