Saturday, September 4, 2010

KANCANE NJE..............

Wayethi uzothi nje …..
Kancane nje.
Ukancane waphenduka ukakhulu.
Wayethi uzothi nje …..
Kanye nje.
Ukanye waphenduka ukaningi.
Wayethi uzothi nje ….
Bese kuba okokugcina.
But guess what, he did it again and again.
He did it nom’ engasafuni ,
Kepha yikho okwase kufuna yena akwenze.

Wayethi uyazama nje.
Kanti akabuzanga elangeni
Uzozama ez’ezalelwe yinje endlini
Wayethi uzothi nje kancane ,
Kanti impilo yakhe esizobancane
Ngoba wasuke wacabanga kancane
Wadlwengula ingane encane

Wayethi uzothi nje kanye
Kanti akabuzanga kwabadala
Wavuka ngesikabhadakazi,ethi uyozidalela ebhange
Ezikadalawane zambhadama

Wayethi uzothi nje kanye
Alale engagqoke jazi
Kanti elokufa alibikeli

Namhlanje ngihaya le nkondlo
Wena uyilalele ,ngoba vele ungumlaleli
Kungenxa yomuntu othile ongalalelanga
Namhlanje kuye ishoba lilele amazolo
Wena ke lalela ngoba angifuni umlandele
Uzithole usulele kobandayo.
Ungalinge nakancane, uthi uzothi nje
……kancane nje!!
Ukancane uyabulala!!

No comments: