Tuesday, May 27, 2008

Ma-Afrika hlanganani!

Sibamnyama sibahle
Sibamnyama sonke singabandwonye
Sonke singamadodana kaMama-Afrika
Sonke singamadodakazi kaMama-Afrika
Pho sibangani?

Zange ngiwubone
Umsuka wengxabano
Kepha ngibone sekugxazwana
Ngizwe ngabezindaba bethi:
‘seyibambene ngezihluthu’
Yebo besekuhluthulwana

Zimbabwe,Mozambique naweMzansi
Impi yendlala isibhekile
Kepha sincamela ukulwa sodwa
Malawi,Nigeria naweMzansi
Impi yeNgculazi isenkundleni
Kodwa silibala ukulwa sodwa

Uma kukungaka obekumele kusihlanganise
Pho sihlukaniswa yini?
Ngiyakhala ngawe ndoda emhlophe
Wasihlukanisa nabakwethu
Wasenza sabona umehluko lapho ungekho

Sibamnyama sibahle
Sibamnyama singabandawonye
Sonke singama-Afrika
I-Afrika ingeyethu.

Sihle Siyabonga Ngidi
UKZN-EGDEWOOD CAMPUS

1 comment:

AUBREY MPHUMELELI NGIDI said...

Qhawe ukhulume kwazwakala nkunzi emdakadaka ... nqanda ngobuciko bomlomo nas'isizwe silooza ubuntu kwaziholo uSyabonga Skhakhane