Thursday, March 27, 2008

Imbubhiso

Lafa laphothuleka ikusasa lesizwe
Ngomphothulo ongaphothulekanga laphothuleka
Ngobhubhane olungabhubhi sabhubha
Isizwe senkashna kamenzi.
Kuye kwadukuza isilo iLembe
Silele kwaDukuza
Sidukuziswa ukudukuza kwesizwe emswanini.
Isililo esiqhumisa uhleko kwabezizwe,
Ngisizwile sililwa nguZulu
Nengonyama uBhekuzulu iye yambheka uzulu,
Nxa elila ukuba ulilela ntoni na?
Nosolwazi balwizile ezinjulwini zelizwe kwala
Bahlanganise baze bahlukanisa
Bafake baze bakhipha kungaphumi khambi
Nobhejane kaGwala ubheje bambhejela
Kwalamula izazimthetho
Nezaqathe baziqathe zangaluqatha
Ubhubhane olubhula amaphiko
Bagwilize bagwinja ogibeni lwegodi,
Lwaze lwabagojela
Pho besisayothini ?
Ngoba bese kufanele sisho ngazwilinye:
“Phumulani umphumulela wafuthi”
Ngokuba nizigolele lonogolantethe
Maqede wanigila ngokunigwilizisa
Kambe abanye basigawulelwa abahlobo
Lesitebhisi sokunqamulela eya ezulwini
Lamazulu

No comments: