Hlezi ngibezwa bekhihla isililo
Bebalisa umlibe bengaqedi
Ngamaphupho abo angafezekanga
Nkosi mina ngiyabonga
Ngiyabonga ngamaphupho ami aphupha
Ngiyabonga ngamaphupho ami angaphumelelanga
Phela mina nganginephupho
Phela mina nganginamaphupho
Kodwa amaphupho ami aphunza
Ngangifisa ukuba udokotela
Ngangifisa ukuba ummeli
Hayibo! Ngangifisa nokuba usomabhizinisi
Kunamuhla ngingumfundisi !
Hayibo ! ngisho umfundisi.
Igama nginguthisha
Ngiqeqesha inqaba yodokotela
Ngakha inqwaba yabammeli
Ngilolonga osomabhizinisi bangomuso
Lalela ngikuxelele indaba!
Thani ngikukhumbuze
Igama lami nginguthisha
Ngingumakhi wekusasa lesizwe
“Ngingudokotela” ,odokotela izingqondo ezibuthaka
Ngingumengameli ,
Ngengamele labo abazokhula bengamele izwe
No comments:
Post a Comment